Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJuda 1:8 - IsiZulu 2020

8 Ngokunjalo, nalaba abaphuphayo banukubeza imizimba yabo, futhi baphika ubukhosi, bahlambalaze nezidalwa ezingcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nokho ngokunjalo-ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama, bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngokunjalo lalaba baphuphi abangcolileyo bangcolisa inyama, badelele ukubusa, bakhulume kubi ngabahloniphekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokunjalo lalaba baphuphi abangcolileyo bangcolisa inyama, badelele ukubusa, bakhulume kubi ngabahloniphekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJuda 1:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


“Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


Ungayiqalekisi inkosi ngisho emcabangweni wakho; kumbe uqalekise ocebileyo, ulele ekamelweni lakho; ngokuba inyoni yezulu ingase ikuthwale okushilo, noma yini enamaphiko ingayikhuluma indaba.


Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”


Uma ufika, uyifice ishaneliwe, futhi ilungiswe kahle;


“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


UPawula wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumphristi omkhulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ”


“Kepha lowo owayelimaza owakubo wamhlohloloza, wathi: ‘Ngubani okubeke ukuba ngumbusi nomehluleli phezu kwethu na?


“Kepha okhokho abavumanga ukumlalela, kodwa bamsunduzela eceleni, babuyela emuva eGibhithe ngezinhliziyo zabo,


Uma umuntu ebhidliza ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumbhubhisa, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.


Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka