Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJuda 1:7 - IsiZulu 2020

7 NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Njengoba nje iSodoma leGomora, lemizi yangakibo, yenza ubufebe ngokunjalo, ilandela inyama engeyiyo, ibekwe yaba yisibonelo, ithwele ukujeziswa komlilo ophakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Njengoba nje iSodoma leGomora, lemizi yangakibo, yenza ubufebe ngokunjalo, ilandela inyama engeyiyo, ibekwe yaba yisibonelo, ithwele ukujeziswa komlilo ophakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJuda 1:7
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


USimakade wamtshela u-Abhrahama wathi: “Isikhalo ngeSodoma neGomora sesisikhulu kakhulu, nezono zabo zimbi kakhulu.


Bammemeza uLothi bethi: “Akuphi lawa madoda angenise kuleyo ndlu namuhla na? Akhiphele lapha phandle siwalale.”


Insali yomkhuba wobufebe basethempelini, eyayisele emihleni kayise, u-Asa wayibhubhisa ezweni.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


IBhabhele, udumo lwemibuso, igugu nokuzigqaja kwamaKhaledi, liyofana neSodoma neGomora lapho uNkulunkulu elichitha.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,


Njengalokho uNkulunkulu wabhubhisa iSodoma neGomora, nemizi yawo eyakhelene, kanjalo akuyukuhlala muntu khona, kungagogobali lapho indodana yomuntu,” kusho uSimakade.


Ukona kwendodakazi yabantu bami, kungaphezu kwesono seSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungengazandla zamuntu.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”


Kepha ngithi kini: kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma ngosuku lokwahlulela kunakuwe.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.


Kanti anazi yini ukuthi ababi abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, abalalanayo benobulili obufanayo,


lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa,


Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu.


Ngalo lelo lizwi, izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo, kulindele usuku lokwehlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka