Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 4:13 - IsiZulu 2020

13 Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Manje-ke nina enithi: Namuhla noma kusasa siyakuya emzini onjalo, futhi sihlale khona umnyaka, sithenge, sithengise, sizuze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Manje-ke nina enithi: Namuhla noma kusasa siyakuya emzini onjalo, futhi sihlale khona umnyaka, sithenge, sithengise, sizuze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 4:13
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”


Ungazigabisi ngekusasa, ngoba awazi ukuthi usuku lukuphatheleni.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize.


Njengoba kuyakuba njalo kubantu, kuyakuba njalo nakubaphristi; njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni, kuyakuba njalo nakumniniso; njengoba kunjalo encekukazini, kuyakuba njalo nasenkosikazini; njengoba kunjalo kumthengi, kuyakuba njalo nakumthengisi; njengoba kunjalo kobolekisayo, kuyakuba njalo nakobolekayo; njengoba kunjalo kokweletisayo, kuyakuba njalo nakokweletayo.


Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Isikhathi sesifikile, usuku selufikile; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ulaka luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


nabakhalayo mabafane nabangakhaliyo, abathokozayo mababe njengabangathokozi, abathengayo mababe njengabangenalutho,


Wozani manje nina bacebileyo; khalani, nikhihle isililo ngenxa yezinhlupheko ezizakunehlela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka