Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 98:3 - IsiZulu 2020

3 Uwukhumbulile umusa wakhe nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli. Yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 98:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise, yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.


USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe.


“Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.


Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.


ukwenzela okhokho bethu isihawu, nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele;


abantu bonke bazakuyibona insindiso kaNkulunkulu.’ ”


INkosi isiyale kanjalo yathi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka