Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 98:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Uwukhumbulile umusa wakhe nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli. Yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 98:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasikhumbula isivumelwano sakhe kubo, waphenduka ngokobukhulu besihe sakhe.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.


UNkulunkulu uzasibusisa; yonke imikhawulo yomhlaba iyakumesaba.


UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe.


Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.


UJehova wembulile ingalo yakhe engcwele phambi kwamehlo azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Yeka ukuthi zithandeka kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula; oletha izindaba ezinhle, omemezela insindiso; othi kulo iZiyoni: UNkulunkulu wakho uyinkosi;


Ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama; futhi ngizocabanga ngezwe.


Uzafakazela iqiniso kuJakobe lakuAbrahama umusa owathembisa okhokho bethu ngesifungo kusukela ezinsukwini.


Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele;


Futhi yonke inyama iyakubona insindiso kaNkulunkulu.


Ngokuba iNkosi yasiyala kanjalo, ithi: “Ngikubekile ukuba ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa.


Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.


Kodwa ngithi: Kabezwanga yini? Yebo, impela, izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.


Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu olesihawu;


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka