Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.