Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 96:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 96:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngiyingcwelise, ngishise impepho phambi kwakhe, kube yizinkwa zokubukwa njalonjalo, kube ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga, emikhosini kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho waphakade kwa-Israyeli.


Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo.


UJehova mkhulu futhi kufanele adunyiswe kakhulu; nobukhulu bakhe abunakulinganiswa.


Mdumiseni ngemisebenzi yakhe yamandla, nimdumise ngobukhulu bakhe obukhulu.


Ngizabiza i Nkosi efanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami.


IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.


Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe.


Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ngezenzo zakhe kubantwana babantu.


Wena, yebo, uyesatshwa, futhi ubani oyoma phambi kwakho lapho uqala ukuthukuthela na?


Ngokuba wena umkhulu, wenza izimangaliso; Wena wedwa unguNkulunkulu.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile.


Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu neNkosi enkulu phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.


Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, nomambuli wezimfihlakalo, lokhu wena ukwazile ukwambula le mfihlakalo;


Kepha ngiyakunibonisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele abe namandla okuphonsa esihogweni; yebo, ngithi kini: Mesabeni yena.


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Maye kithi! ngubani oyakusikhulula esandleni salaba nkulunkulu abanamandla na? yilabo onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izinhlupho ehlane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka