Bheka, ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngiyingcwelise, ngishise impepho phambi kwakhe, kube yizinkwa zokubukwa njalonjalo, kube ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga, emikhosini kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho waphakade kwa-Israyeli.