Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 86:11 - IsiZulu 2020

11 Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngifundise indlela yakho, Jehova; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; hlanganisa inhliziyo yami ukuba yesabe iGama lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 86:11
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okungalungile, angisayukuphinda.’


Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami.


Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni.


Ngenziwe yizandla zakho, zangibumba, ngiphe umqondo ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Ngubani owesaba uSimakade na? Uyomfundisa indlela okumele ayikhethe.


Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami, ngihamba ngeqiniso lakho.


Simakade, ngifundise indlela yakho, ungihole endleleni ehlelembekile ngenxa yezitha zami.


Simakade, ngihole ngokulunga kwakho, uqondise indlela yakho phambi kwami, ngenxa yezitha zami.


Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.


U-Efrayimi uyakuthi: “Zizongenzelani nje izithombe ezibaziweyo na? Mina ngiyakuphendula, ngimnakekele. Mina nginjengomsayiphuresi oluhlaza, izithelo zakho zifunyanwa kimi.”


nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,


Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni.


Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,


Anikwazi ukuphuza indebe yeNkosi kanye nendebe yamadimoni. Anikwazi ukuhlanganyela itafula leNkosi kanye netafula lamadimoni.


Kepha ozihlanganisa neNkosi uyakuba moya munye nayo.


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Ngithokozile kakhulu, ukuthi ngitholile ukuthi abanye babantwana bakho bahamba eqinisweni, njengokomyalo esiwamukele kuBaba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka