Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 86:10 - IsiZulu 2020

10 ngokuba Wena umkhulu, wenza izimangaliso, unguNkulunkulu, Wena wedwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba wena umkhulu, wenza izimangaliso; Wena wedwa unguNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 86:10
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.


Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


“Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, oqhwakele phezu kwamakherubhi, unguNkulunkulu, Wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, nguWena owenze izulu nomhlaba.


Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena wedwa, unguSimakade.”


Mina nginguSimakade, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; ngiyakukubhincisa noma ungazange ungazi,


UJesu waphendula wathi: “Owokuqala yilo othi: ‘Yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye.


wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, futhi ophakathi kwabo bonke.


“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.


UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka