Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 8:3 - IsiZulu 2020

3 Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho ngibona amazulu akho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 8:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


“UNkulunkulu akekho yini phezulu ezulwini na? Bheka, izinkanyezi eziphakemeyo ukuthi ziphakeme kangakanani.


Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?


Bheka, inyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe.


Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe abahlabelela ngayo abantu.


Wenza inyanga ukuba ibe ngeyokwehlukanisa izinkathi, ilanga liyazi ukuthi lishona nini.


Mikhulu imisebenzi kaSimakade, bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.


Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe.


Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho, izwe nokugcwala kwalo, kukho konke, nguwe obeke isisekelo.


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Kepha uma ngikhipha amadimoni ngomunwe kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka