Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 16:4 - IsiZulu 2020

4 “Laba abazikhethela omunye unkulunkulu, bandisa izinhlupheko zabo. Angiyukunikela ngemihlatshelo yabo yegazi, angiyukuwaphatha ngisho amagama abo ngezindebe zami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ziningi izinhlupheko zabazizuzela omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yegazi; angiyikuwaphatha amagama abo ngezindebe zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ziyakwanda izinsizi zabo abaxosha omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yokuphuzwa yegazi, namagama abo angiyikuwaphatha ngomlomo wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 16:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo.


Ziningi izinhlupheko zababi, kodwa umusa uyamhaqa owethemba uSimakade.


Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.


“Kuqapheleni konke engikusho kini. Ningakhuleki emagameni abanye onkulunkulu; ningawaphathi ngisho nangemilomo yenu amagama abo.”


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelelezi asesigodini; yiwona angawonkatho lwakho; nakuwo uthululele umnikelo wokuphuzwayo, wenza umnikelo wokusanhlamvu. Ngimelwe ukweneliswa yini ngalokho na?


“Maye, kinina enishiya uSimakade, nikhohlwe yintaba yami engcwele, enihlelela iNhlanhla itafula, nenigcwalisela uMiselo iwayini elixhutshanisiweyo;


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.


Umnikelo wokusanhlamvu uyoba ngokubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, exutshwe namafutha, umnikelo womlilo kuSimakade, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wokuphuzwayo uyoba ngokwesine kwehini lewayini.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka