Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 16:3 - IsiZulu 2020

3 Abangcwele abasemhlabeni, abahloniphekileyo, ikubo intokozo yami yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Abangcwele abasemhlabeni, abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kodwa kwabangcwele abasemhlabeni, lakwabakhulu, engithokoza ngakho konke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 16:3
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Manje, sukuma Simakade Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula Wena nomphongolo wakho wamandla. Abaphristi bakho Simakade Nkulunkulu, abaphristi bakho mabembathiswe insindiso, nabathembekile bakho bathokoze ngokuhle.


Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuze bahlale nami, ohamba endleleni engenacala, uyakungikhonza.


Kuyigugu emehlweni kaSimakade, ukufa kwabangcwele bakhe.


Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.


Ngenxa yabafowethu nabangani bethu ngizothi manje: “Makube khona ukuthula kuwe.”


Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele.


Olungileyo ungumholi womngani wakhe, kepha indlela yezikhohlakali iyazidukisa.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.


Ngajabula kuyo yonke indawo emhlabeni wakhe, intokozo yami yayikanye nabantwana babantu.


Mina ngingowothandiweyo wami, naye uyangilangazelela.


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


USimakade Wamabandla uthi: “Bayakuba ngabami, ngosuku engiyakwenza ngalo ifa lami, ngiyakubazwela, njengomuntu ezwela indodana yakhe emsebenzelayo.


Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu:


Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu,


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka