Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 112:4 - IsiZulu 2020

4 Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 112:4
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini; nobumnyama buyofana nokusa nje.


Uyakunquma ukwenza okuthile, kwenzeke, ukukhanya kuyokhanya ezindleleni zakho.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


USimakade unomusa, ulungile, uNkulunkulu wethu unobubele.


USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


Olandela ukulunga nokwethembeka ufumana ukuphila, ukulunga, nodumo.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini.


Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu.


Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo,


ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni;


Uma nazi ukuthi Yena ulungile, yazini-ke futhi ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu. Umuntu owenza ukulunga, ulungile, njengokuba Yena elungile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka