Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 112:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 112:4
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi ukuguga kwakho kuyokhanya kunemini enkulu; uzokhanya, ufane nokusa.


Kumelwe unqume okuthile, futhi kuyokuma kuwe, futhi ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.


lapho isibane sakhe sikhanyisa ekhanda lami, nalapho ngidabula ebumnyameni ngokukhanya kwakhe;


Dumisani uJehova. Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


UJehova ulesihawu futhi ulungile; yebo, uNkulunkulu wethu ulesihawu.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke.


Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu.


Ukukhanya kuhlwanyelwa olungileyo, nenjabulo kwabaqotho ngenhliziyo.


Ophishekela ukulunga nesihawu uthola ukuphila nokulunga nodumo.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe.


Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu.


Khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma njengokusa, nokuphila kwakho kuyakuhluma masinyane; ukulunga kwakho kuyakuphumela phambi kwakho; inkazimulo kaJehova iyakuba ngumvuzo wakho.


Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.


Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu.


Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.


Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo;


(Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;)


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi wonke owenza ukulunga uzelwe nguye.


Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka