Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 11:1 - IsiZulu 2020

1 Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 11:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


AmaKhushe namaLubi ayengesiyo yini impi enkulu, enezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokuba wawuthembele kuSimakade, Yena wayinikela esandleni sakho.


Ngamphendula ngathi: “Ngabe indoda enjengami nje ingabaleka yini na? Ngabe indoda efana nami ingangena yini ethempelini ukuze isindise impilo yayo na? Ngeke ngingene kulo.”


Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso.


Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.


Kepha mina ngethemba Wena Simakade, ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.”


Ithemba lami likuNkulunkulu, angiyukwesaba. Umuntu angangenzani na?


Simakade, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe; ngisindise, ungikhulule kubo bonke abangixoshayo,


funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


Zisindise njengensephe esandleni somzingeli, nanjengenyoni esandleni somcuphi.


“Ningasho kanjani, nithi: ‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’


Ngaleso sikhathi kweza kuJesu, abanye babaFarisi bathi kuye: “Suka, uhambe lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”


USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.”


Waqhubeka uJonathani wamemeza engasemuva komfana, ethi: “Shesha, uphuthume, ungemi.” Umfana kaJonathani wayiqoqa imicibisholo, weza nayo kumniniwakhe.


UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka