Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 11:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 11:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Asa wayesekhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akulutho kuwe ukusiza, hhayi ngabaningi nabangenamandla; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu; ngokuba sincike kuwe, nangegama lakho siyakumelana nalesi sixuku. Jehova, unguNkulunkulu wethu; makungahlulwa muntu.


AmaKushe namaLubi ayengelona yini ibutho elikhulu, elinezinqola eziningi nabamahhashi? kodwa ngenxa yokuthi wethembele kuJehova, wawanikela esandleni sakho.


Ngasengisithi: Umuntu onjengami uzabaleka yini? Ngubani onjengami ongangena ethempelini ukusindisa ukuphila kwakhe na? Ngeke ngingene.


(UMiktamu kaDavide.) Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngithemba wena.


Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.


Kepha mina ngithembele kuwe Jehova; Ngathi: Wena unguNkulunkulu wami.


Ngibeka ithemba lami kuNkulunkulu; angiyikwesaba ukuthi umuntu angangenzani.


IZigayoni kaDavide, ayihubela uJehova ngamazwi kaKushe wakwaBenjamini. Jehova Nkulunkulu wami, ngithembele kuwe; ngikhulule kubo bonke abangizingelayo, ungisindise.


Ukuze angadwenguli umphefumulo wami njengengonyama, awuklebhule, kungekho osindisayo.


Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena, ngokuba wena Jehova awubashiyanga abakufunayo.


Zisindise njengenyamazane esandleni somzingeli nanjengenyoni esandleni somcuphi.


Nisho kanjani ukuthi: “Singamadoda anamandla nanamandla empi na?


Ngalolo suku kwafika abaFarisi abathile, bathi kuye: “Phuma, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.


USawule wayesethuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela lokho, wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa;


UJonathani wamemeza emva komfana wathi: Shesha, shesha, ungalindi. Indodana kaJonathani yabutha imicibisholo, yafika enkosini yayo.


UDavide wasuka lapho, waya eMispa yakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Mabaphume ubaba nomame, bahlale nawe, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


UDavida wasesithi enhliziyweni yakhe: Ngolunye usuku ngizabhubha ngesandla sikaSawuli; uSawule uyakudangala ngami ukungifuna ezindaweni zonke zakwa-Israyeli; ngakho ngiyakuphunyuka esandleni sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka