Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 9:54 - IsiZulu 2020

54 Masinyane wabiza insizwa eyayiwudibi lwakhe, wathi kuyo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuze abantu bangathi ngami: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Insizwa yamgwaza wafa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

54 Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe, wathi kulo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

54 Wayeseshesha wabiza udibi lwezikhali zakhe, wathi kulo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale, ukuze abantu bangasho ngami ukuthi: ‘Ubulewe ngowesifazane.’ Nensizwa yakhe yamphusha washona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 9:54
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngangazi ukuthi ngeke esaphila uma esewile, ngawuthatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngase ngikuletha lapha enkosini yami.”


Waphenduka wabheka emuva wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngathi: ‘Ngilapha.’


“Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngiphethwe yisiyezi, nakuba ngisaphila.’


uZeleki wakwa-Amoni, uNaharayi waseBherothi, izindibi zezikhali zikaJowabe, indodana kaZeruya,


USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike bangihlukumeze.” Kepha aluvumanga udibi lwakhe, ngokuba lwalwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wathatha inkemba, wawela phezu kwayo.


Udibi lwakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela phezu kwenkemba yalo, nalo lwafa.


uZeleki wakwa-Amoni, uNaharayi waseBherothi, udibi lukaJowabe, indodana kaZeruya,


UDebhora wathi: “Ngizohamba nawe, kodwa-ke indlela oyithathayo manje ayizukukunika udumo, ngokuba uSimakade uyomnikela uSisera esandleni sowesifazane.” UDebhora wasukuma, wahamba noBharaki, baya eKedeshi.


Kwathi ukuba abakwa-Israyeli babone ukuthi ufile u-Abhimelekhi, babuyela emakhaya.


Abantu ababesebuthweni lamaFilisti babamemeza uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani lapha kithi, sizonitshela okuthile.” UJonathani wayesethi odibini lwakhe: “Khuphuka ungilandele, ngokuba uSimakade ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”


UJonathani wakhuphuka ekhasa ngezandla nezinyawo, nodibi lwakhe lumlandela. Abantu bawa phambi kukaJonathani, udibi lwakhe olwalumlandela lwabacoboshisa.


Kuleso sehlakalo sokuqala sokubulawa kwabantu uJonathani nodibi lwakhe babulala abantu abangama-20 ebangeni elingathi liyingxenye ye-ekha lensimu.


USawule wayesethi kubantu ababenaye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani ongekho phakathi kwethu.” Babala; bheka, uJonathani nodibi lwakhe babengekho.


Udibi lwathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba; nginawe ngenhliziyo epheleleyo.”


UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; wamenza udibi lwakhe.


USawule wafa namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo lusuku.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka