Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 5:20 - IsiZulu 2020

20 Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Balwa besezulwini; izinkanyezi emigudwini yazo zalwa noSisera.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 5:20
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amabutho empi ahlakazeka agcwala iziganga, ihlathi lawaqeda amaningi, kunalawo adliwa yinkemba ngalolo lusuku.


USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


Ngosuku uSimakade anikela ngalo ama-Amori ku-Israyeli, uJoshuwa wakhuluma noSimakade ephambi kwabantu bakwa-Israyeli wathi: “Langa, yima nse eGibheyoni, nawe nyanga, esigodini i-Ayijaloni.”


USimakade wamehlula ngenkemba uSisera nazo zonke izinqola zakhe zempi namabutho akhe phambi kukaBharaki, uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.


Umfudlana iKhishoni wabakhukhula, umfudlana odla izindwani, umfudlana iKhishoni. Nyathela, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.


Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka