Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 4:9 - IsiZulu 2020

9 UDebhora wathi: “Ngizohamba nawe, kodwa-ke indlela oyithathayo manje ayizukukunika udumo, ngokuba uSimakade uyomnikela uSisera esandleni sowesifazane.” UDebhora wasukuma, wahamba noBharaki, baya eKedeshi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wathi: “Impela ngiyakuhamba nawe; ngoba uJehova uzathengisa uSisera esandleni sowesifazana. UDebora waqeda, wahamba noBaraki eKedeshi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 4:9
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


UBharaki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngizokuya, kodwa uma ungahambi nami, ngeke ngihambe.”


Kepha owesifazane othile wawisela itshe ekhanda lika-Abhimelekhi, lamphohloza ikhanda.


Masinyane wabiza insizwa eyayiwudibi lwakhe, wathi kuyo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuze abantu bangathi ngami: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Insizwa yamgwaza wafa.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka