Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 2:19 - IsiZulu 2020

19 Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 2:19
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.


“Kepha kuthe sebehleli ngokuthula, babuye benza okubi emehlweni akho. Wawusubayekela ezitheni zabo ukuze zibabuse. Kwathi lapho sebekunxusa, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho wabakhulula futhi.


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Phuthuma wehle, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe benze isono.


Nani nenze okubi ukwedlula okhokho benu, ngokuba yilowo nalowo ulandela inkani nobubi obusenhliziyweni yakhe, aningilaleli.


Bakhuluma njalo bethi kwabangidelelayo: uSimakade ukhulume wathi: ‘Niyakuba nokuthula.’ Bathi kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo: ‘Aniyukwehlelwa yinhlekelele.’


Ngaleso sikhathi, abantu bayobiza iJerusalema ngokuthi liyisihlalo sobukhosi sikaSimakade. Izizwe zonke ziyobuthelwa kulo, kulo igama likaSimakade eJerusalema. Azisayukuhamba ngokwenkani yenhliziyo yazo embi.


“Ngakho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Niyakuzingcolisa yini nani ngendlela okhokho benu abaziphatha ngayo, nilandele ekuphingeni kwabo okunyanyekayo na?


Salani senikufeza lokhu okwaqalwa ngoyihlomkhulu.


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


U-Israyeli wamkhonza uSimakade ngazo zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangezamalunga aphila izinsuku ezedlula ezikaJoshuwa, futhi ayekwazi konke uSimakade ayekwenzele u-Israyeli.


Nokho ningishiyile, nayokhonza abanye onkulunkulu, ngakho-ke angisayukubuye nginikhulule.


Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,


Abantu bamkhonza uSimakade zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangazo zonke izinsuku zezingwevu ezaphila kade kunoJoshuwa, ezaziwubonile wonke umsebenzi omkhulu uSimakade ayewenzele u-Israyeli.


Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi.


Kwathi ukuba uGideyoni afe, abakwa-Israyeli babuye baphinga noBhali, benza uBhali Bherithi waba ngunkulunkulu wabo.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka