Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 2:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 2:19
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umhlaba wawonakele phambi kukaNkulunkulu, futhi umhlaba wawugcwele ubudlwangudlwangu.


Kodwa sebephumule, baphinda benza okubi phambi kwakho; ngalokho ubashiye esandleni sezitha zabo ukuba zibuse phezu kwabo; wabahlenga kaningi ngokobubele bakho;


Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu.


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba, wehle; ngoba abantu bakho owabakhupha elizweni leGibhithe bazichithile.


Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.


Base bethi kwabangidelelayo: ‘UJehova wathi: Niyakuba nokuthula; bathi kuwo wonke umuntu ohamba ngobulukhuni benhliziyo yakhe: “Aniyikwehlelwa bubi.”


Ngaleso sikhathi bayobiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; zonke izizwe ziyakubuthelwa khona ngenxa yegama likaJehova eJerusalema; futhi ngeke besahamba ngobuqili benhliziyo yabo embi.


Ngakho yithi kuyo indlu kaIsrayeli: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ningcolisiwe ngokwesiko lawoyihlo na? futhi baphinge ngezinengiso zabo?


Gcwalisani-ke isilinganiso sawoyihlo.


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyozibhubhisa ngokuphelele, futhi niyophambuka endleleni enganiyala ngayo; ububi buyakukwehlela ekupheleni kwezinsuku; ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimcunule ngomsebenzi wezandla zenu.


U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga asala kuJoshuwa futhi azi wonke usizi.


Kepha nina ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngakho-ke kangisayikunisindisa.


Kwathi lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo zonke izinsuku zomahluleli; ngokuba uJehova wazisola kubo, wakhala ngenxa yalabo ababebacindezela. Futhi wabacasula.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli; wathi: “Ngokuba laba bantu beqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, bengalalelanga izwi lami;


Abantu bamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga ayesephila emva kukaJoshuwa ababona zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzele u-Israyeli.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ekufeni kuka-Ehudi.


Kwathi lapho uGideyoni efa, abantwana bakwa-Israyeli baphenduka baphinga ngokulandela oBhali, benza uBhali-bheriti unkulunkulu wabo.


Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka