Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 18:7 - IsiZulu 2020

7 Amadoda amahlanu aqhubeka nohambo, kwathi lapho efika eLayishi, abona ukuthi abantu abalapho bahleli ngokuvikeleka, njengamaSidoniya, banokuthula, abaxwaye lutho, akukho lutho ezweni olwalungabajabhisa, futhi bacebile. Ngaphezu kwalokho babehlala kude namaSidoniya, futhi bengazihlanganise namuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Asuka amadoda ayisihlanu, afika eLayishi, abona abantu ababekulo ukuthi babehlezi ngokulondeka njengamaSidoni, benokuthula, belondekile; futhi kwakungekho mantshi ezweni owayengabahlazisa kunoma iyiphi indaba; babekude nabaseSidoni, bengahlangene namuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 18:7
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyise wayengakaze amkhuze nakanye, athi: “Ukwenzeleni lokhu na?” U-Adoniya wayemuhle kakhulu, elama u-Absalomu.


Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye.


Bathola idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala ngabakwaHamu.


“Sukani, nikhuphukele esizweni esizinzileyo, esihlala ngokuvikeleka, esingenamasango namigoqo, esakhe sodwa,” kusho uSimakade.


Ngokuba ababusi abesabeki kulabo abenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Uyathanda yini ukungamesabi osemagunyeni na? Yenza-ke okuhle, yena uyakukuncoma,


Kwathi ukuba abozalo lukaDani balahlekelwe ngumngcele wabo, bakhuphuka balwa neLeshemu, balidla, balibhubhisa ngenkemba, balithatha, bakha kulo, base belibiza iLeshemu ngokuthi yiDani, beliqamba ngegama likaDani uyise.


noma ngabe ngababusi, njengokuba bethunywe yiyo ukuba babajezise abenza okubi, kodwa batuse abenza okuhle,


kube ngangalokho elizidumise latamasa ngakho, ligidlabezeni ngokuhlupheka nokulila. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihleli ngiyindlovukazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngakubona ukulila.’


Bawubiza ngokuthi kukwaDani, bawubiza ngegama likakhokho wabo uDani, owayezalwa ngu-Israyeli; umuzi owawubizwa phambilini ngokuthi yiLayishi.


Umphristi wathi kuwo: “Hambani ngokuthula. Uhambo eniluthathile luphansi kweso likaSimakade.”


Lapho esefika kwabakubo eZora nase-Eshithawoli, bathi kuwo: “Mbiko muni enisiphathele wona, na?”


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka