Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 18:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Amadoda amahlanu aqhubeka nohambo, kwathi lapho efika eLayishi, abona ukuthi abantu abalapho bahleli ngokuvikeleka, njengamaSidoniya, banokuthula, abaxwaye lutho, akukho lutho ezweni olwalungabajabhisa, futhi bacebile. Ngaphezu kwalokho babehlala kude namaSidoniya, futhi bengazihlanganise namuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Asuka amadoda ayisihlanu, afika eLayishi, abona abantu ababekulo ukuthi babehlezi ngokulondeka njengamaSidoni, benokuthula, belondekile; futhi kwakungekho mantshi ezweni owayengabahlazisa kunoma iyiphi indaba; babekude nabaseSidoni, bengahlangene namuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 18:7
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: “Wenzeleni lokhu na?” Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.


Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.


“Sukani, nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo, esihlala ngokulondeka,” usho uJehova, “esingenazicabha nemigoqo, sakhe sodwa.


Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo;


Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo, baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.


nokuba kungababusi njengokuba bethunywa yiyo, ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle,


ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho, linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.’


Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala.


Umpristi wathi kubo: “Hambani nokuthula; indlela eniyihambayo iphambi kukaJehova.”


Babuye bafika kubafowabo eSora nase-Eshitawoli; abafowabo bathi kubo: “Nithini na?”


Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka