Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 14:18 - IsiZulu 2020

18 Amadoda omuzi athi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Yini emnandi kunoju na? Yini enamandla kunebhubesi na?” Wayesethi kuwo: “Ukuba anilimanga ngesithole sami, ngabe aniyitholanga incazelo yemfumbe yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Kuyini okumnandi kunezinyosi? Kuyini okunamandla kunengonyama na?” Wathi kubo: “Uma beningalimanga ngesithokazi sami, ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Amadoda omuzi asesithi kuye ngosuku lwesikhombisa lingakatshoni ilanga: Kuyini okumnandi okwedlula uluju? futhi yini enamandla kunengonyama? Wathi kubo: Ukube anilimanga ngenkomo yami, ngabe aniyitholanga imfihlakalo yami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 14:18
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.


Ngizonondla ngokusanhlamvu kwekhethelo, yebo, nginisuthise ngoju oluvela edwaleni.”


ingonyama, iqhawe ezilwaneni, ayihlehli phambi kwanoma yisiphi esinye;


Isimo sobuso bazo sasifana nobuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, obenkomo ngakwesokhohlo, nobuso bokhozi.


Wakhala phambi kwakhe kwaze kwaphela izinsuku eziyisikhombisa zedili labo, kodwa ngenxa yokuba wayelokhu embelesele, ngosuku lwesikhombisa uSamsoni wamtshela. Wayesebachazela abakubo imfumbe.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka