Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 8:3 - IsiZulu 2020

3 UDavide wamnqoba uHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha, ngesikhathi ephumele ukuyobuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UDavide wamshaya noHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuyeni kwakhe ukubuyisela umkhawulo wakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 8:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


Abase-Aramu lapho bebona ukuthi banqotshiwe ngu-Israyeli, babuthana ndawonye.


UHadadezeri wayesethumela, wawabiza ama-Aramu ayengaphesheya komfula; afika eHelamu eholwa nguShobhakhi, umkhuzi wempi kaHadadezeri.


Wonke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri, lapho ebona ukuthi u-Israyeli uwanqobile, enza isivumelwano soxolo no-Israyeli, akhonza phansi kuka-Israyeli. Ama-Aramu esaba ukubuye abasize futhi abantu bakwa-Amoni.


Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


u-Igali, indodana kaNathani waseZobha, uBhani wakwaGadi,


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


UDavide wahlasela uHadadezeri, inkosi yaseZobha, ngaseHamathi, ngesikhathi ephumile ukuyoqinisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.


USolomoni wahlasela iHamathi Zobha, walinqoba.


Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.


Iyakubusa kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Ngiyokwandisa imingcele yezwe lakho kusukela oLwandle Lomhlanga kuze kufike olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuze kushaye emfuleni. Ngiyonipha amandla phezu kwezakhamuzi zezwe, nizixoshe phambi kwenu.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona, iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebhanoni nasemfuleni, umfula iYufrathe, kuze kube solwandle olungasentshonalanga, iyakuba yindawo yenu.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka