Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 8:2 - IsiZulu 2020

2 Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wabanqoba abakwaMowabi, wabalinganisa ngomucu wokulinganisa, wabaphonsa phansi; walinganisa ngezintambo ezimbili zokulinganisa ukubulala, nangomucu owodwa ogcweleyo ukugcina uphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, baletha izipho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 8:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu ababekuwo wabakhipha, wababulala ngamasaha, ngezibhulo zensimbi, nangamazembe ensimbi, abanye wabasebenzisa ukubumba izitini. Lokho wakwenza kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide, nabo bonke abantu, babuyela eJerusalema.


UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Emva kokufa kuka-Ahabi, uMowabi wamvukela u-Israyeli.


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


Wamnqoba uMowabi; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela kuye.


Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya. Igama lakhe laduma laze layofika eGibhithe, ngokuba wakhombisa ukudlondlobala ngamandla.


UMowabi uyisitsha sami sokugezela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya, ngimemeza ngokunqoba.”


Abafokazi babuna, baphuma ezinqabeni zabo begubhazela.


Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.


UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela, ngiphonsa isicathulo sami phezu kuka-Edomi. Filistiya, hlokoma ngenjabulo ngenxa yami.”


amathende ka-Edomi aka-Ishmayeli, akaMowabi nakaHagari,


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani uxolo nami, niphume nize kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”


Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka