Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 3:29 - IsiZulu 2020

29 Igazi lakhe malibe phezu kwekhanda likaJowabe nakubo bonke abendlu kayise: makungahlali kungekho endlini yakhe ocucuzayo, onochoko, ozimelelayo ngodondolo, ofa ngenkemba, noswela isinkwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 malibe phezu kwekhanda likaJowabe naphezu kwayo yonke indlu kayise; futhi makungabikho muntu ophuma endlini kaJowabe ocucuzayo noma onochoko noma oncike ngodondolo noma owela enkembeni noma oswela isinkwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 3:29
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”


USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”


Kwathi kamuva uDavide wakuzwa lokho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuSimakade kuze kube phakade ngegazi lika-Abhineri, indodana kaNeri.


UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.


Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasozalweni lwakho kuze kube phakade.” Wayesephuma phambi kwakhe enochoko, esemhlophe njengeqhwa.


Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.


uma elulama, akwazi ukuzihambela phandle ngenduku, owamshayayo akayukujeziswa, nokho uyomkhokhela ngesikhathi sakhe esichithekileyo, elashwe aze alulame.


“Yishoni kubantu bakwa-Israyeli, nithi kubo: ‘Uma owesilisa emfimfa emzimbeni wakhe, ungcolile ngokumfimfa kwakhe.


“ ‘Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; ayikho inhlawulo yezwe ngegazi elichitheke kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.


Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”


Wonke amalunga alowo muzi oseduze nalapho kubulawelwe khona lowo muntu, ayogeza izandla zawo phezu kwesithole esephulwe intamo esigodini.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”


Lokho kwenzeka ukuze kuphindiseleke unya alwenza emadodaneni kaJerubhali angama-70, nokuba igazi lawo libe phezu komfowabo u-Abhimelekhi, owawabulalayo, naphezu kwezakhamuzi zaseShekhemi ezenza abe namandla okubulala abafowabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka