Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 3:28 - IsiZulu 2020

28 Kwathi kamuva uDavide wakuzwa lokho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuSimakade kuze kube phakade ngegazi lika-Abhineri, indodana kaNeri.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

28 UDavide esezwile ngasemuva wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuze kube phakade phambi kukaJehova ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 3:28
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”


USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”


U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Igazi lakhe malibe phezu kwekhanda likaJowabe nakubo bonke abendlu kayise: makungahlali kungekho endlini yakhe ocucuzayo, onochoko, ozimelelayo ngodondolo, ofa ngenkemba, noswela isinkwa.”


“Umuntu oshaya omunye ambulale, naye uyakubulawa.


“ ‘Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; ayikho inhlawulo yezwe ngegazi elichitheke kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.


Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka