Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 24:20 - IsiZulu 2020

20 U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; waphuma, wayikhothamela inkosi, wayesethi mbo ngobuso emhlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; u-Arawuna waphuma, wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 U-Arawuna wabheka, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; u-Arawuna waphuma wakhothama phambi kwenkosi ubuso bakhe bubheke phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 24:20
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.


Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.


UDavide wenyuka njengokusho kukaGadi nanjengokuyala kukaSimakade.


Wathi u-Arawuna: “Kungani ukuba inkosi yami, inkosi, ize encekwini yayo na?” UDavide wathi: “Ngize ukuzothenga kuwe isibuya, khona ngizokwakhela uSimakade i-althare, ukuze lolu bhubhane lunqamuke kubantu.”


UMefibhoshethi wakhothama, wathi: “Ibe iyini nje inceku yakho ukuba ungaze uzikhathaze ngenja efileyo enjengami na?”


URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka