Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 23:18 - IsiZulu 2020

18 U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, indodana kaZeruya, wayeyinhloko yalabo abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Yena waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwabathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 23:18
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amabutho aseleyo wawashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, wawathuma ukuba ayokulwa nabakwa-Amoni.


Lapho abakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, nabo babaleka phambi kuka-Abhishayi, bangena emzini. UJowabe wabuya kwa-Amoni, waya eJerusalema.


UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”


Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle.


U-Amasa akayinakanga inkemba eyayiphethwe nguJowabe ngesandla. UJowabe wamgwaza kanye ngayo esiswini, izibilini zakhe zachithekela emhlabathini, wafa ujuqu. Akamphindanga. UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, baqhubeka bexosha uSheba, indodana kaBhikhiri.


Nguye owanconywa kakhulu phakathi kwabangama-30, futhi waba yisikhulu sabo, akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.


UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, bambulala u-Abhineri, ngoba wayebulele umfowabo, u-Asaheli, empini eGibheyoni.


odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu.


Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka