Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 20:13 - IsiZulu 2020

13 Esesusiwe u-Amasa endleleni, abantu bonke basuka balandela uJowabe, baxosha uSheba, indodana kaBhikhiri.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Esesusiwe emendweni, bonke abantu bamlandela uJowabe ukuze baxoshe uSheba indodana kaBigi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 20:13
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Enye yezinsizwa zikaJowabe yaphuma yama ngaku-Amasa, yathi: “Noma ngubani othanda uJowabe nongokaDavide, makalandele uJowabe.”


USheba wadabula ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli, waze wayofika e-Abhela, eBhethi Mahakha, nakuwo wonke amaBheri, nakhona babuthana bamhubha.


Inkosi yase-Asiriya yathumela abakhuzi bempi abakhulu, uRabi Sarisi, noRabi Shake ukuba basuke eLakhishi baye enkosini uHezikiya eJerusalema, benempi enkulu. Bakhuphuka, bafika eJerusalema. Bakhuphuka bafike bema ngasemseleni wechibi elisenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi.


Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.


Inkosi yase-Asiriya yathumela uRabi Shake, esuka eLakhishi, waya eJerusalema enkosini uHezekiya, enempi enkulu; wamisa ngasemseleni wechibi elingenhla, elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.


Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; yakhani, niwakhe umendo, nikhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.


USimakade wathi ku-Izaya: “Hamba uyobona u-Ahazi, wena noSheyari Jashubhi, indodana yakho, ungasekugcineni komsele wechibi elingenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.


“Zibekele amatshe ayinkombandlela, uzibekele izimpawu zomgwaqo, uqaphelisise umendo wakho, indlela owahamba ngayo; uzophinde ubuye ngayo. Buya ntombi engu-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.


Abantu bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakuhamba ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nemfuyo yami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.”


Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni.


Ngakho-ke bathi: “Niyabona-ke, kuzoba nomkhosi kaSimakade waminyaka yonke eShilo, elisenyakatho yeBhethele, ngasempumalanga yomgwaqo okhuphuka eBhethele uya eShekhemu, eningizimu yeLebhona.”


Izinkomazi zangena indlela, zabheka ngaseBhethi Shemeshi, zihamba endleleni, zihamba zibhonsa, aziphambukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Amakhosi amaFilisti azilandela aze afika emngceleni eBhethi Shemeshi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka