Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 20:12 - IsiZulu 2020

12 U-Amasa wadindiliza egazini lakhe phakathi nendlela. Kuthe lapho lowo muntu ebona ukuthi bonke abantu bafike beme ngaku-Amasa, wayesemgudlula endleleni. Wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, ngoba wayebabona abantu belokhu bedlula ngakuye bema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza u-Amasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UAmasa wagiqika egazini phakathi komgwaqo. Lapho lowo muntu ebona ukuthi bonke abantu babemi, wamsusa u-Amasa emendweni wamyisa endle, wamjikijela ngendwangu, lapho ebona ukuthi bonke abafika kuye bema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 20:12
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Absalomu wabeka u-Amasa ukuba ahole impi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa kwakuyindodana yendoda yakwa-Israyeli okuthiwa ngu-Ithira, owayengene u-Abhigayili, indodakazi kaNahashi, udadewabo kaZeruya, unina kaJowabe.


Kepha wenqaba ukuchezuka. U-Abhineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, umkhonto waze wayophumela ngemuva. Wawela lapho, wafa. Bonke abafika endaweni lapho u-Asaheli ayewele khona, wafa, babema bathule du!


Enye yezinsizwa zikaJowabe yaphuma yama ngaku-Amasa, yathi: “Noma ngubani othanda uJowabe nongokaDavide, makalandele uJowabe.”


Esesusiwe u-Amasa endleleni, abantu bonke basuka balandela uJowabe, baxosha uSheba, indodana kaBhikhiri.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka