Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 11:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukulwa, uDavida wathuma uJowabi lenceku zakhe kanye laye loIsrayeli wonke; babulala abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wasala eJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 11:1
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho abakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, nabo babaleka phambi kuka-Abhishayi, bangena emzini. UJowabe wabuya kwa-Amoni, waya eJerusalema.


Umphrofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba, uziqinise, uqaphele, ubone ukuthi uzokwenzani, ngoba emva konyaka inkosi yama-Aramu izobuya, izokulwa nawe.”


Kwathi emva konyaka, uBheni Hadadi wahlanganisa ama-Aramu, wayesenyukela e-Afeki ukuyolwa no-Israyeli.


Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ahlasele ngaso, uJowabe wahola amaqhawe empi, wabhubhisa izwe labakwa-Amoni. Wahamba wavimbezela iRabha, kodwa uDavide wayesele eJerusalema. UJowabe wahlasela iRabha, walinqoba.


Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?


isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.


“Khihla isililo, Heshibhoni, ngokuba i-Ayi ibhujisiwe, khalani, madodakazi aseRabha, nibhince indwangu eyisaka; nilile, nigijime phakathi kwezingange, ngokuba inkosi yalo izothunjwa, nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.


Enye indlela okuzofika ngayo inkemba, uyenze eRabha labakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


USimakade uyakuphuma alwe nezizwe, kube njengosuku lwakhe lokulwa mhla impi ibambene.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka