Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 11:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukulwa, uDavida wathuma uJowabi lenceku zakhe kanye laye loIsrayeli wonke; babulala abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wasala eJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 11:1
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu ayabaleka, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wabuya kubantwana bakwa-Amoni, wafika eJerusalema.


Wayesefika umprofethi enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba, uziqinise, ubuke, ubone okwenzayo, ngokuba ekuveleni komnyaka inkosi yase-Aramu iyakufika ukulwa nawe.


Kwasekusithi ekuthwaseni komnyaka, uBenihadadi wabala amaAramu, wenyukela eAfeki ukuyalwa loIsrayeli.


Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi ephuma ngaso impi, uJowabi wakhupha amaqhawe ebutho, walichitha ilizwe labantwana bakoAmoni, wafika wavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wahlala eJerusalema. UJowabe walishaya iRaba, walichitha.


Lapho umnyaka usuphelile, inkosi uNebukadinesari yathumela yamyisa eBhabhiloni kanye nezitsha ezinhle zendlu kaJehova, yabeka umfowabo uZedekiya inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Ngubani ozangingenisa emzini oqinileyo? ngubani ongangiyisa kwa-Edomi na?


isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda; isikhathi sempi nesikhathi sokuthula.


Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, engiyakuhlaba umkhosi wempi eRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yinqumbi eyincithakalo, namadodakazi alo ashiswe ngomlilo; u-Israyeli uyakuba yindlalifa yendlalifa yakhe,” usho uJehova.


Khala, Heshiboni, ngokuba i-Ayi ichithiwe; khalani, madodakazi aseRaba, bhinceni izingubo zokulila; dabukani, nigijimele ezintangweni; ngoba inkosi yabo iyoya ekudingisweni, nabapristi bayo nezikhulu zayo kanyekanye.


Misa indlela, ukuze inkemba ifike eRabbati labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema, umuzi oyisivikelo.


Kodwa ngizaphemba umlilo odongeni lweRaba, njalo uzaqeda izigodlo zalo, ngentokozo ngosuku lwempi, ngesivunguzane ngosuku lwesiphepho.


UJehova uyakuphuma, alwe nalezo zizwe, njengasosukwini lokulwa kwakhe ngosuku lwempi.


Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.


Zase ziphuma izikhulu zamaFilisti, zaphuma, uDavide waziphatha ngokuhlakanipha ngaphezu kwazo zonke izinceku zikaSawule; ukuze igama lakhe libe likhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka