Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 6:4 - IsiZulu 2020

4 Athi: “Uyokuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kanye nawo na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide ngokwenani lamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo esisodwa esihlasele bonke, ngisho namakhosi enu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Base bethi: “Uyini umnikelo wecala ukuba siwubuyisele kuye na?” Athi: Amankonjane amahlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wezikhulu zamaFilisti, ngokuba isifo sinye sasiphezu kwenu nonke namakhosi enu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 6:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uMose ayebatshelile; bacela kwabaseGibhithe ubucwebecwebe besiliva, igolide, nezimpahla zokugqoka.


kusuka eShihori elisempumalanga yeGibhithe kuya enyakatho emngceleni we-Ekhroni, elaziwa ngokuthi yiKhanani; kunababusi abayisihlanu bamaFilisti, abaseGaza, e-Ashidodi, e-Ashikeloni, e-Githi, nase-Ekhroni, nalabo base-Avimu ngasenyakatho,


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


Kwakuyilezi izizwe: amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo wonke amaKhanani, amaSidoni, amaHivi ayehlala entabeni iLebhanoni, kusukela entabeni iBhali Hermoni kuze kube seHamathi.


Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.


Isandla sikaSimakade saba nzima phezu kwabase-Ashidodi, wabashaya, wababhubhisa ngamathumba, i-Ashidodi nezifunda zayo.


Kwathi ukuba bawuthuthele khona, isandla sikaSimakade saba phezu kwalowo muzi, kwaba khona ukudideka okukhulu, wabulala abantu bomuzi, abancane nabadala bamilwa ngamathumba.


Niyokwenza imifanekiso yamathumba enu anihlasele nemifanekiso yamagundane enu ahlasele izwe, nimnike udumo uNkulunkulu ka-Israyeli, hleze asenze sibe lula isandla sakhe phezu kwenu, phezu konkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.


Niyowuthatha umphongolo kaSimakade, niwubeke enqoleni, nifake ebhokisini eliseceleni kwawo impahla yegolide eniyiphindisela kuye, ibe ngumnikelo wecala, izinkomazi nizidedele zihambe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka