Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 4:2 - IsiZulu 2020

2 AmaFilisti azihlela ukuze atholane phezulu no-Israyeli. Impi yabambana kwashunqa uthuli isikhathi eside. AmaFilisti amnqoba u-Israyeli, kwasala enkundleni abantu ababalelwa ezi-4 000.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 AmaFilisti azihlela ukuhlangana no-Israyeli; impi yaqhubeka, u-Israyeli wahlulwa phambi kwamaFilisti abulala empini ngasendle kungathi abantu abayizinkulungwane ezine.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 AmaFilisti azihlelela ukulwa no-Israyeli; babulala endle amadoda angaba yizinkulungwane ezine.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 4:2
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Masibheke, sihlolisise izenzo zethu, sibuyele eNkosini.


Bayakukhubeka omunye ekhutshwa ngomunye kungathi babalekela inkemba, kodwa kube kungekho muntu obaxoshayo. Aniyukuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.


Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.


Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.


U-Israyeli namaFilisti bayihlela impi yabo ukuze batholane phezulu.


Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi: “Niphumeleni na? Niphumele ukuhlela impi? Mina ngingumFilisti nina niyizinceku zikaSawule. Ziqokeleni umuntu, ehle eze kimi.


Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.


AmaFilisti alwa, u-Israyeli wanqotshwa, wabaleka, kwaba yilowo nalowo waqonda ethendeni lakhe. Kwaba ngukwehlulwa okukhulu kakhulu, kwasala enkundleni abakwa-Israyeli abayizi-30 000 abayimigundatshani.


Kwathi lapho abantu bengena enkanjini, amalunga akwa-Israyeli athi: “USimakade usibulaleleni namuhla phambi kwamaFilisti na? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade eShilo, ube ngakithi, sihambe nawo, usisindise esandleni sezitha zethu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka