Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 24:2 - IsiZulu 2020

2 USawule wathatha abantu abayizi-3 000 ababekhethwe phakathi kwawo wonke u-Israyeli, wahamba nabo, bayofuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USawule wayesethatha abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba ukumfuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USawule wayesethatha amadoda ayizinkulungwane ezintathu akhethiweyo kuye wonke u-Israyeli, wahamba wayofuna uDavide namadoda akhe emadwaleni ezimbuzi zasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 24:2
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wathi: “USimakade uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami.


“Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na?


Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle, amawa ayisiphephelo sezimbila.


Abehluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.


Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala.


Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke.


waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


USawule wanqandeka ekulandeleni uDavide, wahamba wayokulwa namaFilisti. Yingakho leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiSela Hamalekothi.


USawule wasuka wehlela ehlane eZifi ukuyofuna uDavide ehlane, ehamba nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizi-3 000.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka