Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 2:25 - IsiZulu 2020

25 Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 2:25
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Leyo nto ayenza yaba yimbi emehlweni kaSimakade, wayesembulala naye.


U-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi phambi kukaSimakade, ngakho-ke uSimakade wambulala.


“Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo, bese efunga phambi kwe-althare lakho kule ndlu,


mawuzwe Wena usezulwini, wenze, wehlulele izinceku zakho, kulahlwe ngecala omubi, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, ukhulule olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.


Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze uSimakade agcwalise izwi alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?” Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”


Akukho mlamuli phakathi kwethu, ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili, asilamule.


Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo.


Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


Indodana ehlakaniphile iyayalwa nguyise, kodwa isedeleli asilaleli lapho sikhuzwa.


Kunesijeziso esibuhlungu kulowo oshiya indlela; lowo ozonda ukusolwa uyakufa.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;


“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,


Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’


Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ngumuntu uKhristu uJesu,


Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono,


kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Ngakho-ke ngafunga mayelana nendlu ka-Eli ukuthi inkohlakalo yendlu ka-Eli ayisoze yahlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube phakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka