Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 2:24 - IsiZulu 2020

24 Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Hhayi, madodana ami, akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Cha, madodana ami; ngokuba akusiwo umbiko omuhle engiwezwayo: nenza abantu bakaJehova ukuba baphambuke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 2:24
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.


ngenxa yezono zikaJerobhowamu ayezenzile, onisa ngazo u-Israyeli, wachukuluza ngazo ulaka lukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kepha uJehu akakuqaphelanga ukuhamba emthethweni kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, futhi akayekanga ukwenza izono ezazenziwa nguJerobhowamu onisa ngazo u-Israyeli.


UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”


Kodwa nina nichezukile endleleni, nakhubekisa abaningi ngemfundiso yenu; nasephula isivumelwano sikaLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso!


Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.


ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,


Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.


“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.


U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Wathi kuwo: “Nizenzeleni izinto ezinjalo na? Ngokuba ngiyezwa ngemisebenzi yenu emibi kubo bonke laba bantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka