Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 18:27 - IsiZulu 2020

27 UDavide nabantu bakhe basuka baya kumaFilisti, babulala angama-200. UDavide waletha amajwabu awo; bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemganisela uMikhali, indodakazi yakhe, waba ngumkakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 uDavide wasuka waya, yena nabantu bakhe, wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili; uDavide waletha amajwabu abo, bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UDavide wazilungiselela, wahamba yena nabantu bakhe, wabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu amabili; uDavida waletha amajwabu awo, basebenika inkosi indaba zonke, ukuze abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wamnika uMikhali indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 18:27
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Kulungile, ngizokwenza isivumelwano nawe, kodwa kunento eyodwa nje engiyifuna kuwe: ukuba ungalokothi uvele phambi kwami uma ungalethi uMikhali, indodakazi kaSawule, ngesikhathi uzongibona.”


UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.”


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


Nanka amagama amadodana kaSawule: nguJonathani, u-Ishivi, noMalikhi Shuwa. Amadodakazi akhe, igama leyokuqala nguMerabi, encane nguMikhali.


USawule wamqhelisa kuye, wayesembeka ukuba abe ngumkhuzi wempi yakhe yenkulungwane; ehola abantu, ephuma engena nabo.


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”


USawule wakubona lokho, wazi ukuthi uSimakade unoDavide. UMikhali, indodakazi kaSawule, wamthanda uDavide.


USawule wayesemganisile uMikhali indodakazi yakhe, wamganisela uPhalithi, indodana kaLayishi, waseGalimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka