Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




URuthe 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UBhowazi wayesekhuphukela esangweni, wahlala khona; owathi kuye: O, onjalo! phambuka, uhlale lapha. Wasuka wahlala phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UBhowazi wenyukela esangweni, wahlala khona; uyabona-ke, kwedlula umhlengi ayekade ekhulume ngaye, wayesethi kuye: “Ake uze ngapha, mnewethu, uhlale phansi.” Waya kuye, wahlala phansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




URuthe 4:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;


U-Efroni wahlala phakathi kwabantwana bakwaHeti; u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti kubo bonke abangena ngesango lomuzi wakhe, wathi:


UHamori noShekemi indodana yakhe bafika esangweni lomuzi wabo, bakhuluma kumadoda omuzi wabo, bathi:


U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema endleleni yesango; kwathi lapho umuntu onecala efika enkosini ukuba isahlulelo, u-Abisalomu wambiza, wathi: “Ungowamuphi umuzi? Wathi: “Inceku yakho ivela kwesinye sezizwe zakwa-Israyeli.


Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babeka omunye wabo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izingubo zabo, bahlala endaweni eyize ekungeneni kwesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.


Lapho ngiphumela esangweni emzini, lapho ngilungisa isihlalo sami esitaladini!


Uma ngiphakamisela intandane isandla sami, lapho ngibona usizo lwami esangweni;


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; mina ngangiyingoma yezidakwa.


Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, ngokuba ihlezi phakathi kwamalunga ezwe.


Awu, wonke owomileyo uyeza emanzini, nongenamali; wozani nithenge, nidle; yebo, wozani nithenge iwayini nobisi ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo.


Ngaloba ubufakazi, ngabunamathelisa, ngathatha ofakazi, ngamkala imali esikalini.


Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukulunga esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali kaJosefa.


“Hhayi, sukani, nibaleke ezweni lasenyakatho,” usho uJehova; ngoba nginendlala njengemimoya yomine yezulu,” kusho uJehova.


Uzikhethele abahluleli nababonisi kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho; futhi bayokwahlulela abantu ngokwahlulela okulungileyo.


Uyakumkhiphela phandle leyo ndoda noma lowo wesifazane owenze lokho okubi emasangweni akho, leyo ndoda noma lowo wesifazane, umkhande ngamatshe, baze bafe.


Uyise nonina bayakumbamba, bamkhiphele kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakhe yokuhlala;


Uma indoda ingathandi ukuthatha umkamfowabo, umkamfowabo makakhuphuke aye esangweni kumalunga, athi: ‘Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusa umfowabo igama kwa-Israyeli, akayikugcwalisa umthetho. Umsebenzi womfowabo womyeni wami.


Nxa obalekela komunye waleyo mizi emi ngasesikhaleni sesango lomuzi, ekhuluma indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, amngenise emzini ngenxa yabo, amnike indawo, ukuze amkhulule. Angahlala phakathi kwabo.


Manje kuyiqiniso ukuthi ngiyisihlobo sakho segazi esiseduze nawe; kodwa kukhona isihlobo esiseduze kunami.


Wathi: “Hlala uthule, ndodakazi yami, uze wazi ukuthi indaba izohamba kanjani; ngoba indoda ngeke iphumule ingakayiqedi indaba namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka