Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 UJehova wavula amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni iphethe inkemba yayo ehoshiweyo; wagebisa ikhanda, wawa ngobuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

31 USimakade wavula amehlo kaBhileyamu, wayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba esandleni sayo. Wakhothama wathi mbo ngobuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:31
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi; waya wagcwalisa imbiza ngamanzi, wamphuzisa umfana.


UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.


Zisabe, Jehova, ukuze izizwe zazi ukuthi bangabantu nje. Sela.


UMose washesha wakhothamela phansi ikhanda lakhe, wakhuleka.


Imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo yini imbongolo yakho ohlezi phezu kwayo kusukela ngingowakho kuze kube namuhla na?” ngake ngakwenza lokho kuwe Wathi: Cha!


Wathi yena owawezwa amazwi kaNkulunkulu, wazi ukwazi koPhezukonke, owabona ubuso bukaSomandla, owabanjwa ubuthongo, kepha amehlo akhe avuleka;


Wathi yena owezwa amazwi kaNkulunkulu, owabona ubuso bukaSomandla, owabanjwa yisiyezi, kodwa amehlo akhe avuleka.


Kodwa amehlo abo ayebanjiwe ukuthi bangamazi.


Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo.


Khona esho kubo ukuthi: “Nginguye,” bahlehla nyovane, bawa phansi.


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


UJoshuwa wayeseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, bheka, nanto indoda imi maqondana naye iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; uJoshuwa waya kuye, wathi kuye: “Ungowethu noma ungowezitha zethu na?


Wathi: “Qha; kodwa manje ngiyinduna yebutho leNkosi. UJoshuwa wawa ngobuso bakhe emhlabathini, wakhuleka kuye, wathi kuye: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka