Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 8:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla, kusukela osukwini lokuqala kwaze kwaba osukwini lokugcina. Bawenza umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; kwathi ngosuku lwesishiyagalombili kwaba khona idili njengomthetho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lokugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Nsuku zonke, kusukela osukwini lokuqala lomkhosi kuze kube ngolokugcina, wayefunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu. Bawugubha izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku lwesishiyagalombili bahlangana, ukuze bawuvale ngesizotha umkhosi njengoba kubekwe emthethweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 8:18
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla labesilisa nabesifazane, nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngolokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Wayifunda phambi kwesitaladi esiphambi kweSango Lamanzi kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuqonda; izindlebe zabo bonke abantu zalalela incwadi yomthetho.


Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesishiyagalombili kuyakuba ngumhlangano ongcwele kini; futhi kumelwe ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova. Yisikhathi samaholide; ningenzi msebenzi wakukhonza kulo.


Kumelwe niwugcine izinsuku eziyisikhombisa ngonyaka umkhosi wokudumisa uJehova. Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; ngenyanga yesikhombisa liwugubhe.


Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomkhosi;


Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka