Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 12:43 - Contemporary Zulu Bible 2024

43 Basebesenza imihlatshelo emikhulu ngalolosuku, bathokoza, ngoba uNkulunkulu wabenza ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwaze kwazwakala ukuthokoza kweJerusalema kude.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

43 Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 12:43
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wonke uJuda wema phambi kukaJehova, nabancane babo, nawomkabo, nabantwana babo.


Base bebuya bonke abantu bakwaJuda naseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo ukuba babuyele eJerusalema ngokujabula; ngoba uJehova wenza ukuba bajabule phezu kwezitha zabo.


Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu ematendeni abo bejabule futhi bejabule enhliziyweni ngenxa yobuhle uJehova ayebenzele uDavide noSolomoni nakubantu bakhe u-Israyeli.


Ukuze abantu bahluleke ukwehlukanisa umsindo wenjabulo nokukhala kwabantu;


Ekwehlukaniselweni kogange lwaseJerusalema afuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba awalethe eJerusalema, ukugubha ukuhlanjululwa ngenjabulo, nangokubonga nangokuhlabelela, namasimbali, namahabhu, nangezinsimbi.


noMahaseya, noShemiya, no-Eleyazare, no-Uzi, noJohanani, noMalikhiya, no-Elamu, no-Ezeri. Futhi abahlabeleli bahlabelela phezulu, kanye noJísraja, umnakekeli wabo.


Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;


Khathesi ikhanda lami lizakuphakama phezu kwezitha zami ezingihanqileyo; ngalokho ngiyakunikela ngemihlatshelo yokuthokoza etendeni lakhe; Ngifuna ukuhlabelela, yebo, ngifuna ukuhlabelela inkazimulo kaJehova.


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami yathembela kuye, futhi ngasizwa; ngalokho inhliziyo yami ithokoza kakhulu; ngizamdumisa ngengoma yami.


Ngiyakujabula, ngethabe ngawe; Ngifuna ukudumisa igama lakho, O oPhezukonke.


Ngokuba wena Jehova uyangithokozisa ngomsebenzi wakho; ngiyakunqoba ngemisebenzi yezandla zakho.


ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.


Khona intombi iyakujabula ekusineni, izinsizwa namaxhegu kanyekanye, ngokuba ngiyakuphendula ukulila kwabo kube-yinjabulo, ngibaduduze, bajabule ngokudabuka kwabo.


Izwi lenjabulo nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi likamakoti, izwi lalabo abathi: “Dumisani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade nowabaletha umnikelo wokudumisa endlini kaJehova. Ngoba ngizobuyisela isiphetho sezwe njengoba sasinjalo ekuqaleni,” kusho uJehova.


Ngosuku lokuthokoza kwenu nangezinsuku zemikhosi yenu nasekuqaleni kwezinyanga zenu niyakuvuthela amacilongo phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kweminikelo yenu yokubonga; ukuze zibe yisikhumbuzo kini phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu,


Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.


Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.


nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;


Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.


Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu, wonke u-Israyeli wakhala ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka