Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 kusukela eSihori eliphambi kweGibhithe kuze kube semngceleni we-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani: izikhulu ezinhlanu zamaFilisti; amaGasathi, nama-Ashidoti, nama-Eskaloni, namaGiti, nama-Ekroni; futhi ama-Avites:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 kusuka eShihori elisempumalanga yeGibhithe kuya enyakatho emngceleni we-Ekhroni, elaziwa ngokuthi yiKhanani; kunababusi abayisihlanu bamaFilisti, abaseGaza, e-Ashidodi, e-Ashikeloni, e-Githi, nase-Ekhroni, nalabo base-Avimu ngasenyakatho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 13:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaHamu: Ugu, iMizraimi, iPhuthi neKhanani.


Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.


USolomoni wenza idili ngaleso sikhathi, no-Israyeli wonke enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe, phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, izinsuku eziyishumi nane.


UDavida wasebuthanisa wonke uIsrayeli kusukela eSihori eGibhithe kuze kufike ekungeneni kweHemati ukuze akhuphe umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeyarimi.


Emanzini amaningi imbewu yaseSihori, isivuno sasemfuleni, inzuzo yakhe; futhi liyindawo yezizwe.


Manje, unani endleleni yaseGibithe ukuba niphuze amanzi aseSihori na? unani endleleni yase-Asiriya ukuba niphuze amanzi omfula na?


Ama-Avi ayehlala eHazerimi kwaze kwaba se-Asa, amaKafitori aphuma eKafitori, awachitha, ahlala endaweni yawo.)


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMagati, kepha amaGeshuri namaMagati ahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.


Zase zifika kuye izikhulu zamaFilisti, zathi kuye: “Mlinge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu akuphi, nokuthi singamehlula kanjani, ukuze simbophe, simcindezele; siyakukunika, kube yilowo nalowo amashekeli esiliva ayishumi nekhulu.


Lezi ziyizikhulu zamaFilisti eziyisihlanu, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi, ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali-Hermoni kuze kube sekungeneni kweHamati.


AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebenezeri, awusa e-Ashidodi.


Ngakho bathumela umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi umphongolo kaNkulunkulu usufikile e-Ekroni, abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba basibulale thina nabantu bakithi.


Basebethumela, babuthana kubo zonke iziphathamandla zamaFilisti, zathi: Sizakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu kaIsrayeli? Basebesithi: Umphongolo kaNkulunkulu kaIsrayeli kawususelwe eGathi. Bawuletha khona umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli.


Base bethi: “Uyini umnikelo wecala ukuba siwubuyisele kuye na?” Athi: Amankonjane amahlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wezikhulu zamaFilisti, ngokuba isifo sinye sasiphezu kwenu nonke namakhosi enu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka