Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJona 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova uNkulunkulu wezulu, owenza ulwandle nomhlabathi owomileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJona 1:9
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomileyo ngokuthi umhlaba; nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.


Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama.


UJehova, uNkulunkulu wezulu, owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami, owakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe; kumelwe athumele ingelosi yakhe phambi kwakho, futhi kumelwe uyithathele khona indodana yami umfazi.


wabiza abantu bendlu yakhe, wakhuluma kubo, wathi: “Bhekani, usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; wangena kimi ukuba alale nami, futhi ngamemeza ngezwi elikhulu.


Kwathi ekuqaleni kokuhlala kwabo khona abamesabanga uJehova; ngalokho uJehova wathuma izingonyama phakathi kwabo, zabulala abanye kubo.


Kwasekufika omunye wabapristi ababebathumbile eSamariya, wahlala eBhetheli, wabafundisa indlela yokwesaba uJehova.


Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; wangiyala ukuba ngimakhele indlu eJerusalema lakwaJuda.


Base besiphendula bathi: “Siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu eyakhiwa eminyakeni eminingi edlule, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yayakha.”


Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;


Inkosi yasisithi kimi: Ucelani? Ngakho ngakhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Wena, yebo, wena unguJehova wedwa; Wena walenza izulu, izulu lamazulu, nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuwo, uyakulonda konke; nebandla lezulu liyakukhonza.


USathane wayesemphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?


Dumisani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Inkosi yaseGibithe yakhuluma kubabelethisi bamaHeberu, igama lomunye lalinguShifra, igama lomunye lalinguPhuwa;


Esephuma ngosuku lwesibili, bheka, amadoda amabili amaHeberu ephikisana omunye komunye, wathi kowonileyo: “Umshayelani umngane wakho na?


Futhi ezinsukwini zala makhosi uNkulunkulu wezulu uyovusa umbuso ongayikuchithwa phakade; umbuso awuyikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuphahlaza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.


Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.


Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo,


Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi;


Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nezilonda zabo, futhi abaphendukanga emisebenzini yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka