Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 42:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengalokho uJehova ebayalile; uJehova futhi wamamukela uJobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 U-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama, bahamba benza njengokusho kukaSimakade kubo. USimakade wawemukela umkhuleko kaJobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 42:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.


Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza.


Kumelwe uthandaze kuye, futhi uyokuzwa, futhi kumelwe uzifeze izifungo zakho.


Uyakusindisa isiqhingi sabangenacala, sisindiswe ngokuhlanzeka kwezandla zakho.


UJehova waguqula isimo sikaJobe lapho ekhulekela abangane bakhe; uJehova wamnika uJobe okuningi kwalokho ayenakho ngaphambili.


Manje zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele umnikelo wokushiswa; inceku yami uJobe uyakunikhulekela; ngoba ngizathokoza ngaye, ukuze ngingenzi kini njengobuthutha benu, ngoba kalilungile njengokutsho kwenceku yami uJobe ngaMi.


Hamba, udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ethokozayo; ngoba uNkulunkulu useyayemukela imisebenzi yakho.


Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala;


Unina wathi ezincekwini: Konke alisho kini, kwenzeni.


Ngakho ngithumela masinyane kuwe; futhi wenze kahle ukuthi uze. Manje-ke sikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe nguNkulunkulu.


Ethuthumela emangala wathi: “Nkosi, uthanda ukuba ngenzeni na? INkosi yasisithi kuye: Sukuma uye emzini, njalo uzatshelwa ofanele ukwenze.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka