Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJobe 42:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 U-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama, bahamba benza njengokusho kukaSimakade kubo. USimakade wawemukela umkhuleko kaJobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengalokho uJehova ebayalile; uJehova futhi wamamukela uJobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 42:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.


Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.


Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ugcwalise izithembiso zakho.


Abantu abangemsulwa uyakubakhulula nabo, bakhululwe ngobumhlophe bezandla zakho.”


UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.


Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”


Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.”


Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka