Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 24:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Engakaqedi ukukhuluma, kwaphuma uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka umkaNahori umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Ithe ingakaqedi ukuthandaza, kwafika uRibheka etshethe imbiza, wayezalwa nguBhethuweli indodana kaMilkha, umkaNahori, umfowabo ka-Abhrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 24:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lezi ziyizizukulwane zikaTera: uTera wazala u-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.


O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka, noyise kaIska.


U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.


Intombazana engizakuthi kuyo: Kakubekwe phansi imbiza yakho ukuze nginathe; athi: Phuza, ngizaphuzisa namakamela akho. Kube nguye ommisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngiyakwazi ukuthi wenze umusa enkosini yami.


Yathi kuye: “Ngiyindodakazi kaBetuweli indodana kaMilka amzalela yona uNahori.”


Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami, kwaphuma uRebeka enembiza yakhe ehlombe; wehlela emthonjeni wakha amanzi; ngathi kuye: Ake ngiphuze.


U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.


Wathi kubo: “Niyamazi uLabani indodana kaNahori na?” Bathi: “Siyamazi.”


Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezelusa.


Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.


Wena ozwa umkhuleko, inyama yonke izakuza kuwe.


Umpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika akha amanzi, agcwalisa izitsha zokuphuzisa umhlambi kayise.


Uyaqaphela izindlela zendlu yakhe, angadli isinkwa sobuvila.


Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize;


Kuyothi bengakangibizi, ngiphendule; kuthi besakhuluma, ngizwe.


Wakhothoza ensimini kwaze kwahlwa, wabhula ayekukhothozile, kwaba yi-efa lebhali.


URuthe umMowabi wasesithi kuNawomi: Ake ngiye elizweni, ngikhothoze emva kwalowo engizathola umusa emehlweni akhe. Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami;


Kwathi bekhuphuka intaba beya emzini, bafumana amantombazane aphuma ukuyokha amanzi, athi kuwo: “Umboni ukhona na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka