Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 23:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Isiqephu sezwe nomhume okuwo kwanikwa u-Abrahama amadodana kaHeti kube yindawo yethuna.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u-Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Insimu nomgede u-Abhrahama akunikwa ngamaHithi kwaguquka kwaba yindawo yakhe yokungcwaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 23:20
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kweMamre; yiHebroni ezweni laseKhanani.


Ngingumfokazi nomfokazi kini; nginike indawo yethuna kuwe, ukuze ngimbele ofileyo wami phambi kobuso bami.


Isiqephu sezwe u-Abrahama asithenga emadodaneni kaHeti: U-Abrahama noSara umkakhe bangcwatshwe khona.


Amadodana akhe o-Isaka no-Ishmayeli bammbela emhumeni waseMakaphela ensimini ka-Efroni indodana kaSohari umHeti ephambi kweMamre;


Futhi wabayala wathi kubo: Kufanele ngibuthelwe kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti;


Amadodana akhe amngenisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wensimu yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nezwe, kube yindawo yethuna lika-Efroni umHeti phambi kweMamre.


Ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni lami engazimbela lona ezweni laseKhanani, lapho uyakungimbela. Manje-ke ake ngikhuphuke ngingcwabe ubaba, futhi ngizobuya.


Inkosi yasisithi kuArawuna: Hatshi! kodwa ngiyakusithenga kuwe ngentengo; ngiyakunikela kuJehova uNkulunkulu wami iminikelo yokushiswa engeyize. UDavide wathenga isibuya nezinkabi ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva.


UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, ensimini ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka